5 Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulwanezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa,zidliwe ngumlilo.
6 Ngokuba sizalelwa umntwana,siphiwa indodana;umbuso uyakuba semahlombe akhe,negama lakhe liyakuthiwauMluleki omangalisayo,uNkulunkulu onamandla,uYise ongunaphakade,iNkosi yokuthula.
7 Umbuso uyakuba mkhulu,ukuthula kungabi nakuphelaesihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe,ukuze uqiniswe, usekelwengokwahlulela nangokulunga,kusukela manje kuze kube phakade.Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.
8 INkosi ithume izwi kuJakobe,lehlela kwa-Israyeli.
9 Bonke abantu bayakwazi,u-Efrayimi nabakhe eSamariya,abasho ekuziphakamiseni kwabonasekuziqhenyeni kwenhliziyo ukuthi:
10 “Izitini ziwile,kepha siyakwakha ngamatshe abaziweyo;imithombe igawuliwe,kepha siyakutshala imisedari* ezikhundleni zayo.”
11 UJehova uyabaphakamisela izitha zikaResini,ahlomise abamelene nabo,