7 Umbuso uyakuba mkhulu,ukuthula kungabi nakuphelaesihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe,ukuze uqiniswe, usekelwengokwahlulela nangokulunga,kusukela manje kuze kube phakade.Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.
8 INkosi ithume izwi kuJakobe,lehlela kwa-Israyeli.
9 Bonke abantu bayakwazi,u-Efrayimi nabakhe eSamariya,abasho ekuziphakamiseni kwabonasekuziqhenyeni kwenhliziyo ukuthi:
10 “Izitini ziwile,kepha siyakwakha ngamatshe abaziweyo;imithombe igawuliwe,kepha siyakutshala imisedari* ezikhundleni zayo.”
11 UJehova uyabaphakamisela izitha zikaResini,ahlomise abamelene nabo,
12 i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva,bamudle u-Israyeli ngomlomo okhamisiweyo;kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,isandla sakhe siseluliwe.
13 Abantu ababuyelanga nokho kobashayileyo,futhi abamfunanga uJehova Sebawoti.