9 Bonke abantu bayakwazi,u-Efrayimi nabakhe eSamariya,abasho ekuziphakamiseni kwabonasekuziqhenyeni kwenhliziyo ukuthi:
10 “Izitini ziwile,kepha siyakwakha ngamatshe abaziweyo;imithombe igawuliwe,kepha siyakutshala imisedari* ezikhundleni zayo.”
11 UJehova uyabaphakamisela izitha zikaResini,ahlomise abamelene nabo,
12 i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva,bamudle u-Israyeli ngomlomo okhamisiweyo;kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,isandla sakhe siseluliwe.
13 Abantu ababuyelanga nokho kobashayileyo,futhi abamfunanga uJehova Sebawoti.
14 Ngalokho uJehova uyanquma kwa-Israyeliikhanda nomsila, igatsha lesundu nomhlanga,ngalusuku lunye.
15 Ilunga nophakemeyo bayikhanda,nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.