15 Ngokuba bheka,uJehova uyakufika ngomlilo,izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu,ukubuyisela intukuthelo yakhe ngokufuthekanokukhuza kwakhe ngamalangabi omlilo.
16 Ngokuba uJehova uyakwahlulelainyama yonke ngomlilo nangenkemba;ababulawayo nguJehova bayakuba baningi.
17 “Abazingcwelisa, bazihlambululele ukungena ezivandeni belandela omiyo egcekeni, bedla inyama yezingulube, nezinengiso, nezimpuku, bayakuphela kanyekanye,” usho uJehova.
18 “Ngiyazi imisebenzi yabo nemicabango yabo; ngiyeza ukubutha zonke izizwe nezilimi, zifike, zibone inkazimulo yami.
19 “Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo, ngithume ababalekileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, nasePhuli, naseLudi, abagoba umnsalo, nakuThubali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingezwanga umbiko ngami, zingabonanga inkazimulo yami, baze balande ngenkazimulo yami ezizweni.
20 Bayakuletha bonke abafowenu bebakhipha ezizweni zonke ngamahhashi, nangezinqola, nangezinhlaka, nangeminyuzi,* nangamakamela, babe ngumnikelo kaJehova, beze entabeni yami engcwele eJerusalema,” usho uJehova, “njengalokhu abantwana bakwa-Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.
21 Nakubona ngiyakuthatha abapristi namaLevi,” usho uJehova.