1 Jehova, umeleni kude na?Uzifihlelani ubuso ezikhathini zokuhlupheka na?
2 Ngokuqhosha komubi ompofu uyahlupheka;mababanjwe ngamacebo abawacebileyo.
3 Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa komphefumulo wakhe,nohulazayo uyamvalelisa,amdelele uJehova.
4 Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi:“Akanaki lutho;akakho uNkulunkulu,”injalo imicabango yakhe yonke.
5 Izindlela zakhe zithembekile izikhathi zonke;izahlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwakhe;zonke izitha zakhe uyazidelela.
6 Uthi enhliziyweni yakhe: “Angiyikuzanyazanyiswa;izizukulwane nezizukulwane angisoze ngehlelwa ngozi.”
7 Umlomo wakhe ugcwele isiqalekiso nenkohliso nobudlova;ngaphansi kolimi lwakhe kukhona ukwelelesa nokonakala.