1 Kuhle ukumbonga uJehova nokuhubela igama lakho wena oPhezukonke;
2 ukushumayela umusa wakho ekuseni nokuthembeka kwakho ebusuku,
3 ngokubetha ugubhu olunezintambo eziyishumi,nomqangala, kanye nehabhu* elizwakala kamnandi.
4 Ngokuba ungithokozisile, Jehova, ngezenzo zakho;ngiyakumemeza ngokujabula.
5 Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova.Imicabango yakho ijulile kakhulu.
6 Umuntu oyisilima angekucabange,nesiwula asikuboni.
7 Noma ababi behluma njengotshani,nezigangi noma ziqhakaza zonke,kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.
8 Kepha wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.
9 Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova,bheka, izitha zakho, ziyakubhubha;bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.
10 Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi,ngigcotshwa ngamafutha amasha.
11 Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami,nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.
12 Olungileyo uyahluma njengesundu,uyakhula njengomsedari* eLebanoni.
13 Batshaliwe endlini kaJehova,bamila emagcekeni kaNkulunkulu wethu.
14 Nasebudaleni bayakuthela izithelo,bahlume babe luhlaza,
15 ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile;uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi.