1 UJehova uyinkosi; mabathuthumele abantu;uhlezi phezu kwamakherubi;* mawuzamazame umhlaba.
2 UJehova mkhulu eSiyoni,uphakeme phezu kwezizwe zonke.
3 Mababonge igama lakho elikhulu nelesabekayo;ungcwele yena.
4 Amandla eNkosi athanda okulungileyo,umisile ubuqotho;ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe.
5 Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu,nikhuleke ngasesanabelweni sezinyawo zakhe;ungcwele yena.
6 OMose no-Aroni babe phakathi kwabapristi bakhe;uSamuweli wayephakathi kwabakhulekayo egameni lakhe.Bakhuleka kuJehova,yena waphendula.
7 Wakhuluma kubo esensikeni yefu;bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona.
8 Jehova Nkulunkulu wethu,wena ubaphendulile,waba kubo uNkulunkulu othethelelayonophindiselayo ngezenzo zabo.
9 Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu,nikhuleke ngasentabeni yakhe engcwele,ngokuba ungcwele uJehova uNkulunkulu wethu.