1 Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu,ngokuba abantu bafuna ukungigwinya;usuku lonke bayangicindezela belwa.
2 Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke;ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.
3 Mhla ngesabayongiyakwethemba wena.
4 KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;inyama ingangenzani na?
5 Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke;yonke imicabango yabo iqonde ukungona.
6 Bayabuthana, baqamekele,baqaphele izinyathelo zami,njengokuba beqamekela umphefumulo wami.
7 Bayakuphunyuka yini ebubini babo na?Diliza izizwe ngentukuthelo, Nkulunkulu.
8 Ukuzula kwami ukubalile wena;yetha izinyembezi zami egabheni lakho;azikho encwadini yakho na?
9 Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo;ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.
10 KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi;kuJehova ngiyakulidumisa izwi.
11 Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba;umuntu angangenzani na?
12 Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami;ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.
13 Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeninezinyawo zami ekuweni,ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkuluekukhanyeni kwabaphilayo.