1 Jehova, wabusisa izwe lakho,wambuyisa uJakobe ekuthunjweni.
2 Wasusa icala labantu bakho,wasibekela zonke izono zabo. Sela*
3 Wamukisa yonke intukuthelo yakho,waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho.
4 Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu,ulahle ukusicanukela kwakho.
5 Uyakusithukuthelela njalonjalo na?Uyakwelulela ulaka lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane na?
6 Awuzukusivusa, sibuye siphile,ukuze abantu bakho bathokoze ngawe, na?
7 Sitshengise umusa wakho, Jehova,usiphe insindiso yakho.
8 Mangizwe lokho uNkulunkulu uJehova azakukukhuluma;uyakhuluma ukuthula kubantu bakhenakubo abamesabayo;mabangabuyeli ebuwuleni.
9 Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo,ukuze kuhlale udumo ezweni lethu.
10 Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso,kwangane ukulunga nokuthula.
11 Kuyakuhluma iqiniso emhlabeni,kulunguzele phansi nokulunga kwasezulwini.
12 Yebo, uJehova uyakuveza okuhle;izwe lethu liyakuthela izithelo zalo.
13 Ukulunga kuyakuhamba phambi kwakhe,kwenzele izinyawo zakhe indlela.