1 Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe,osono sakhe sisibekelwe.
2 Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko,kungekho nkohliso emoyeni wakhe.
3 Kwathi ngithule, amathambo ami agugangokububula kwami usuku lonke.
4 Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami,uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo. Sela*
5 Ngasivuma isono sami kuwe,angisifihlanga isiphambeko sami;ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,”wena wathethelela icala lesono sami. Sela*
6 Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuwengesikhathi sokukufumana;impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula,angafinyeleli kuye.
7 Wena uyindawo yami yokucasha;uyangilondoloza ngingahlupheki;ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela*
8 Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo;ngizakukululeka ngeso lami.
9 Ningabi njengehhashi nembongolo engenangqondo;umkhala netomu yimvunulo yayo yokuyiqondisa,uma ingasondeli kuwe.
10 Omubi unezinhlupheko eziningi,kepha othemba uJehova umusa uyakumphahla.
11 Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo,nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.