1 Ngiyakuphakamisa, Jehova,ngokuba ungikhuphulile;awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami.
2 Jehova Nkulunkulu wami,ngakhala kuwe, wangiphilisa.
3 Jehova,umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo,wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini.
4 Dumisani uJehova nina enimkhonzayo,nibonge igama lakhe elingcwele.
5 Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje,umusa wakhe uba ngowokuphila konke;kusihlwa kungena ukukhala,ekuseni ukujabula.
6 Mina ngithe ekubuseni kwami:Angisoze nganyakaziswa naphakade.
7 Jehova,ngomusa wakho ubuwenzile ukuba iqine intaba yami;wabufihla ubuso bakho,ngase ngithuthumela.
8 Ngakhala kuwe Jehova;nganxusa kuJehova, ngathi:
9 “Kukhona nzuzoni egazini laminasekushoneni kwami egebeni na?Uthuli luzakukudumisa yini,lushumayele iqiniso lakho, na?
10 Yizwa, Jehova, ube nomusa kimi;Jehova, yiba ngumsizi wami.”
11 Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina;wangikhumula izingubo zami zokulila,wangembathisa ukujabula,
12 ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli;Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.