Amahubo 49 ZUL59

Ubuze benhlanhla yababi

Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Ihubo.

1 Yizwani lokhu nonke nina bantu;bekani indlebe nina nonke enakhileyo ezweni,

2 abantukazana nezikhulu,abacebileyo nabampofu.

3 Umlomo wami uzakukhuluma ukuhlakanipha,ukuzindla kwenhliziyo yami kuzakuba ngokokuqonda.

4 Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga,ngiphenye imfumbe yami ngehabhu.*

5 Bengizakwesabelani ezinsukwini ezimbi,lapha ububi babangizingelayo bungihaqa,

6 labo abathemba imfuyo yabobezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na?

7 Umuntu angemhlenge umfowabo,angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye.

8 Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu;akunakuphela nanini

9 ukuba aphile njalo, angaboni ukubola.

10 Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafanokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha,imfuyo yabo bayishiyele abanye.

11 Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabozizakuma kuze kube phakade,nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane;amazwe abo bawabiza ngamagama abo.

12 Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma;ufana nezilwane ezibhubhayo.

13 Le ndlela yabo ingubuwula babo,balandelwa ngabavumela umlomo wabo. Sela*

14 Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu;ukufa kuyakubalusa,abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa,isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo,bangabe besaba nandlu.

15 Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wamiesandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela*

16 Ungesabi, nxa umuntu eceba,nxa ubukhosi bendlu yakhe banda.

17 Ngokuba ekufeni kwakhe akayikuphatha lutho;ubukhosi bakhe abuyikwehla naye.

18 Noma ebusisa umphefumulo wakhe esaphila,futhi abantu bekudumisa,ngokuba uzondle kahle,

19 nokho uyakuya esizukulwaneni sawoyise;abayikukubona ukukhanya naphakade.

20 Umuntu onodumo engenakuqonda unjengezilwane ezibhubhayo.