Amahubo 135 ZUL59

Indumiso kuJehova ngezimangaliso zakhe

1 Haleluya!Dumisani igama likaJehova;mdumiseni nina zinceku zikaJehova

2 enimi endlini kaJehovaemagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu.

3 Dumisani uJehova,ngokuba uJehova muhle;hubelani igama lakhe,ngokuba limnandi.

4 Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe,no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe.

5 Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulunokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu.

6 Konke uJehova akuthandayo uyakwenzaezulwini nasemhlabeni,emanzini nasezinzulwini zonke.

7 Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,wenza imibani kube yimvula;ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.

8 Washaya amazibulo aseGibithe,awabantu kanye nawezilwane.

9 Wathuma izibonakaliso nezimangalisophakathi kwakho, Gibithe,phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.

10 Washaya izizwe ezinkulu,wabulala amakhosi anamandla:

11 uSihoni inkosi yama-Amori,no-Ogi inkosi yaseBashani,nemibuso yonke yaseKhanani.

12 Wanika izwe labo laba yifa,laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe.

13 Jehova, igama lakho limi phakade;isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane.

14 Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe,ahawukele izinceku zakhe.

15 Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide,umsebenzi wezandla zomuntu.

16 Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;amehlo zinawo, kodwa aziboni.

17 Izindlebe zinazo, kepha azizwa,nomoya awukho emlonyeni wazo.

18 Abazenzayo bayafana nazo,bonke abazethembayo.

19 Wena ndlu ka-Israyeli,mbonge uJehova;wena ndlu ka-Aroni,mbonge uJehova.

20 Wena ndlu kaLevi, mbonge uJehova;nina enimesabayo uJehova,mbongeni uJehova.

21 UJehova makabongwe eSiyoni,yena owakhe eJerusalema.Haleluya!