Amahubo 66 ZUL59

Ukubonga nokudumisa uNkulunkulu

Kumholi wokuhlabelela. Igama. Ihubo.

1 Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke.

2 Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe,nibabaze ukudunyiswa kwakhe.

3 Yishoni kuNkulunkulu, nithi:“Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho.Ngenxa yobukhulu bamandla akhoizitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.

4 Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise;bayakuhubela igama lakho.” Sela*

5 Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu;uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.

6 Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo;bawela umfula ngezinyawo;lapho sathokoza kuye.

7 Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade;amehlo akhe ayahlozinga izizwe;abanenkani mabangaziphakamisi. Sela*

8 Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe,nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe

9 ogcina umphefumulo wethu ekuphileni,engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.

10 Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile,wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.

11 Wasingenisa enetheni;wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu.

12 Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu;sangena emlilweni nasemanzini;kepha wasikhiphela ekubuseni.

13 Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa;ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami

14 ezaphinyiselwa yizindebe zami,zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni.

15 Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyokanye nephunga lezinqama;ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela*

16 Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu;ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.

17 Ngakhala kuye ngomlomo wami;ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.

18 Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami,ibingayikungizwa iNkosi.

19 Ngempela uNkulunkulu uzwile,walalela izwi lomkhuleko wami.

20 Makabongwe uNkulunkuluongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.