Amahubo 27 ZUL59

Ukujabulela uNkulunkulu nezwi lakhe

ElikaDavide.

1 UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami;ngizakwesaba bani na?UJehova uyinqaba yokuphila kwami;ngizakuba novalo ngobani na?

2 Ekusondeleni kwababi ukuba badle inyama yamiabamelene nami nezitha zami bayakhubeka, bawe.

3 Noma impi imisa ngakimi,inhliziyo yami ayesabi;noma ngivukelwa ngukulwa,nokho nginethemba.

4 Kunye engikucele kuJehova,ngiyakufuna khona:ukuba ngihlale endlini kaJehovaizinsuku zonke zokuphila kwamiukubona ubuhle bukaJehova,ngibuke ithempeli lakhe.

5 Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakhengosuku lokuhlupheka,angicashise ekusithekeni kwetende lakhe,angiphakamisele edwaleni.

6 Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakamangaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo;ngizakunikela iminikelo yokwethaba etendeni lakhe,ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu.

7 Yizwa, Jehova, ngikhala ngezwi elikhulu;yiba nomusa kimi, ungiphendule.

8 Kuwena othi: “Funani ubuso bami,”inhliziyo yami ithi:“Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.”

9 Ungafihli ubuso bakho kimi,ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela;wena ulusizo lwami, ungangilahli,ungangishiyi,Nkulunkulu wensindiso yami.

10 Ngokuba ubaba nomame bangishiyile,kodwa uJehova uzakungamukela.

11 Ngifundise indlela yakho, Jehova,ungihole endleleni ekhanyayongenxa yezitha zami.

12 Unganginikeli entandweni yezitha zami;ngokuba ofakazi bamanga bangivukele kanye nabafuthaukudlozomela.

13 Yeka, uma bengingathembanga ukubonaokuhle kukaJehova ezweni labaphilayo!

14 Lindela uJehova, uqine,inhliziyo yakho ime isibindi;yebo, lindela uJehova.