1 Ngahlulele, Jehova,ngokuba ngihamba ekulungeni kwami;ngithemba uJehova, angiyikuntenga.
2 Ngivivinye, Jehova, ungilinge;hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami.
3 Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami;ngihamba eqinisweni lakho.
4 Angihlali nabantu bamanga,angihambelani nezimbulu.
5 Ngiyawuzonda umhlangano wabenza okubi,angihlali nababi.
6 Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala,ngizungeza i-altare lakho, Jehova,
7 ukuba ngizwakalise izwi lokudumisa,ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho.
8 Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakhonendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho.
9 Ungamukisi umphefumulo wami kanye nezoninokuphila kwami kanye nabantu begazi
10 abanehlazo ezandleni zabo,nesokunene sabo sigcwele izipho zenkohliso.
11 Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami;ngihlenge, ube nomusa kimi.
12 Unyawo lwami lumi ebaleni;ngizakudumisa uJehova emihlanganweni.