Amahubo 40 ZUL59

Ukwethemba insindiso evela kuJehova

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo.

1 Bengilindela uJehova;wayesezikhothamisela kimi,wezwa ukukhala kwami.

2 Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi,wamisa izinyawo zami edwaleni,waqinisa izinyathelo zami.

3 Wabeka igama elisha emlonyeni wami,igama lokubonga uNkulunkulu wethu;abaningi bayakukubona, besabe,bamethembe uJehova.

4 Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova,ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni.

5 Jehova Nkulunkulu wami,ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo,nezizindlo zakho ngathi;akukho okungafaniswa nawe;uma ngiyilanda, ngiyisho,miningi kunokuba ibalwe.

6 Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi;izindlebe zami uzibhobozile;umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.

7 Ngase ngithi: “Bheka, ngiyeza;encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi:

8 Ngiyathanda ukwenza intando yakho,Nkulunkulu wami,nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”

9 Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu;bheka, angizivalanga izindebe zami;Jehova, wena uyakwazi.

10 Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami;ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho;umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu.

11 Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho;umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.

12 Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile,iziphambeko zami zingificile,angaze ngaba nakubona;ziningi kunezinwele zekhanda lami;inhliziyo yami ingishiyile.

13 Makuthandeke kuwe Jehova ukuba ungikhulule;Jehova, mawuphuthume ungisize.

14 Mabajabhe, babe namahloni bonkeabafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe;abafisa ukulimala kwamimababuyiselwe emuva, bajabhiswe.

15 Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi:“Ashila, ashila!”

16 Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo;abathanda insindiso yakho mabashonjalo, bathi:“Makadunyiswe uJehova.”

17 Noma ngihlupheka, ngimpofu,iNkosi iyanginaka;wena ungumsizi wami noMsindisi wami;Nkulunkulu wami, mawungalibali.