1 UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda,igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.
2 Itabernakele* lakhe liseSalema,nendlu yakhe iseSiyoni.
3 Waphula lapho imicibisholo yomnsalo,nesihlangu, nenkemba, nempi. Sela*
4 Uyakhazimula ngobukhosi,lapho uvela ezintabeni zempango.
5 Bachithekile abaqinile ngenhliziyo,balele ubuthongo babo;amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.
6 Ngokusola kwakho,Nkulunkulu kaJakobe,kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.
7 Wena, yebo, wena uyesabeka;ngubani ongema ebusweni bakhongesikhathi solaka lwakho na?
8 Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini;umhlaba wesaba, wathula
9 mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele,asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela*
10 Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa;insalelo yolaka uyakuyibhinca.
11 Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu.Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.
12 Uyanquma umoya wezikhulu,wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.