Amahubo 50 ZUL59

Ukukhonza uNkulunkulu ngeqiniso

Ihubo lika-Asafa.

1 UNkulunkulu uMninimandla onke,uJehova, uyakhuluma, ubiza umhlabakusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo.

2 ESiyoni eliphelele ebuhleniuNkulunkulu uqhamile ekukhanyeni.

3 UNkulunkulu wethu uyeza, akayikuthula;umlilo udla phambi kwakhe;uphahlwe yisivunguvungu esikhulu.

4 Ubiza izulu ngaphezulukanye nomhlaba ukuba ahlulele isizwe sakhe:

5 “Buthelani kimi abangcwele bamiabenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”

6 Izulu lishumayela ukulunga kwakhe,ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela*

7 “Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma;Israyeli, ngizakufakaza kuwe ukuthi:NginguNkulunkulu,uNkulunkulu wakho.

8 Angiyikukujezisa ngenxa yemihlatshelo yakho;iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo.

9 Angiyikuthatha nkunzi endlini yakhonampongo ezibayeni zakho.

10 Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi,nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane.

11 Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni,nezilwane zasendle zaziwa yimi.

12 Uma bengilambile,bengingekutshele wena,ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo.

13 Ngiyakudla yini inyama yezinkunzi,ngiphuze igazi lezimpongo, na?

14 Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga,uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke;

15 ngibize ngosuku lwenhlupheko;ngiyakukukhulula,wena uyakungidumisa.”

16 Kepha komubi uNkulunkulu uthi:“Yini ukuba ushumayele izimiso zami,uphathe isivumelwano sami ngomlomo wakho,

17 ingani uyazonda ukuqondiswa,amazwi ami uwalahla emva kwakho, na?

18 Uma ubona isela, uvumelana nalo;neziphingi uhlanganyela nazo.

19 Umlomo wakho uwuyekela ebubini;ulimi lwakho luqamba inkohliso.

20 Uhlala uhleba umfowenu;unyevuza indodana kanyoko.

21 Lokho ukwenzile, ngathula;ushaye sengathi nginjengawe;ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.

22 “Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu,funa nginidwengule,kungabikho osindisayo.

23 Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa;oqaphela indlela yakhengiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”