Amahubo 139 ZUL59

UJehova uyazi konke, ukhona ezindaweni zonke

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo.

1 Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.

2 Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami,uqonda umcabango wami ukude.

3 Uyaphenya ukuhamba kwami nokulala kwami,wazana nezindlela zonke zami.

4 Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova,ongalaziyo ngokupheleleyo.

5 Ungizungezile ngasemuva nangaphambili,wabeka isandla sakho phezu kwami.

6 Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa;kuphakeme, anginakufinyelela kukho.

7 Ngiyakuyaphi,ngisuke emoyeni wakho, na?Ngiyakubalekelaphi,ngimuke ebusweni bakho, na?

8 Uma ngikhuphukela ezulwini,wena ulapho;uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena.

9 Uma ngithabatha amaphiko okusa,ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle,

10 nalapho isandla sakho siyakungihola,esokunene sakho singibambe.

11 Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele,ukukhanya kube ngubusuku kimi,”

12 ubumnyama bebungayikuba mnyama kuwe,ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini,ubumnyama bufane nokukhanya.

13 Ngokuba wena uzenzile izinso zami,wangaluka esiswini sikamame.

14 Ngiyakukubonga,ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;imisebenzi yakho iyamangalisa;umphefumulo wami uyakwazi kahle.

15 Amathambo ami ayengafihlekile kuwe,lapho ngenziwa ekusithekeni,ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.

16 Amehlo akho angibona ngiseyihlule;zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho,zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.

17 Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi;bukhulu kangaka ubuningi bayo.

18 Uma bengiyakuyibala,miningi kunesihlabathi;lapho ngivuka, bengiyakuba nawe.

19 Sengathi ungabulala ababi, Nkulunkulu;ngalokho sukani kimi nina bantu begazi.

20 Bakhuluma ngamacebo ngawe,baliphatha ngeze igama lakho.

21 Jehova, angibazondi abakuzondayo na?Anginengwa ngabakuvukelayo na?

22 Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo;bayizitha kimi.

23 Ngihole, Nkulunkulu,wazi inhliziyo yami;ngilinge, wazi imicabango yami,

24 ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,ungiholele endleleni yaphakade.