1 Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na?Madodana abantu,nahlulela ngobuqotho na?
2 Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi;ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu.
3 Ababi bahlubuka kwasesizalweni,abaqamba amanga baduka kwasesiswini.
4 Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka;banjengebululu eliyisithulu,elivimba indlebe yalo,
5 lingalaleli izwi lezinyangaezilumba amalumbo ngokuhlakanipha.
6 Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu!Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova!
7 Mabaphele njengamanzi agobhozayo;nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe,mayibe sengathi iqundekile.
8 Mababe njengomnenke oncibilika, uphele,njengokuphuphume kowesifazane okungalibonanga ilanga.
9 Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva,uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha.
10 Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo;uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi,
11 abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo;impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.”