Amahubo 42 ZUL59

INCWADI YESIBILI

Ukulangazelela uNkulunkulu nendlu yakhe

Kumholi wokuhlabelela. IMaskili* lamadodana kaKora.

1 Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula,kanjalo umphefumulo wami ulangazelela wena Nkulunkulu.

2 Umphefumulo wami womela uNkulunkulu,uNkulunkulu ophilayo;ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu, na?

3 Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku,ngokuba usuku lonke bathi kimi:“Uphi uNkulunkulu wakho na?”

4 Ngiyakukhumbula lokhu,ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami,njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulungenhlokomo yokwethaba nokubonga,ibandla ligubha umkhosi.

5 Yini ukuba udangale,mphefumulo wami,uyaluze phakathi kwami, na?Methembe uNkulunkulu,ngokuba ngisezakumdumisangokusindisa kobuso bakhe.

6 Nkulunkulu wami,umphefumulo wami udangele phakathi kwami;ngakho-ke ngikhumbula wena ezweni laseJordani,nakwelamaHermoni,nasentabeni yaseMisari.

7 Utwa lubizana notwa ekuhlokomeni kwezimpophoma zakho;onke amadlambi akho namaza akho eqile phezu kwami.

8 Emini uJehova uyaleza umusa wakhe;ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi,ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.

9 Ngizakuthi kuNkulunkulu,iDwala lami:“Ungikhohlweleni na?Ngihambelani ngilila,ngicindezelwe yisitha, na?”

10 Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami,nxa izitha zami zingiklolodela,zithi kimi usuku lonke:“Uphi uNkulunkulu wakho na?”

11 Yini ukuba udangale,mphefumulo wami,uyaluze phakathi kwami, na?Methembe uNkulunkulu,ngokuba ngisezakumdumisa yenaoyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.