1 Yizwa, Nkulunkulu,izwi lami ekukhaleni kwami,ulondoloze ukuphila kwami evusweni lesitha.
2 Ngisithe esigungwini sababi nasesixukwini sabenza okubi,
3 abalola ulimi lwabo njengenkemba,bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo
4 ukuba bamdubule ongenacala ngasesitha,bamdubule ngokuzuma bengesabi.
5 Baqinela icebo elibi;bakhuluma ngokufihla izingibe;bathi: “Ngubani oyakusibona na?”
6 Basongoza izenzo ezimbi,bathi: “Siliqedile icebo elisongoziweyo,”izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile.
7 Kepha uNkulunkulu uyakubadubula ngomcibisholo;bagwazwe ngokuzunywa.
8 Bayakuwiswa, baficwe lulimi lwabo;bonke abababonayo bayonikina ikhanda.
9 Bonke abantu bayashaywa luvalo;bayakushumayela izenzo zikaNkulunkulu,baqonde akwenzileyo.
10 Olungileyo uyakujabula kuJehova, aphephele kuye;bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga.