Amahubo 88 ZUL59

Ukukhala kosengozini yokufa

Igama. Ihubo lamadodana kaKora. Kumholi wokuhlabelela. NgeMahalati Leyanoti.* IMaskili* likaHemani umEzra.

1 Jehova Nkulunkulu wensindiso yami,ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.

2 Umkhuleko wami mawufike ebusweni bakho,indlebe yakho uyibeke ekunxuseni kwami.

3 Ngokuba umphefumulo wami ugcwele izinsizi,ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.

4 Ngibalwa kanye nabashona emgodini,nginjengomuntu ofileyo.

5 Icansi lami liphakathi kwabafileyo;nginjengababuleweyo abalele ethuneni,ongasabakhumbuli,benqunyiwe esandleni sakho.

6 Ungibekile emgodini ojulile kunayo yonke,ebumnyameni, otweni.

7 Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho;amadlambi akho onke ayangicindezela phansi. Sela*

8 Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude,wangenza ngibe yisinengiso kubo;ngivalelwe, ngingephume.

9 Iso lami liyafa ngosizi;ngikhala kuwe Jehova imihla yonke,ngizelulela izandla zami kuwe.

10 Abafileyo uyakubenzela isimangaliso na?Ziyakuvuka yini izithunzi, zikubonge, na? Sela*

11 Kuyalandiswa yini ethuneni ngomusa wakho,nangokuthembeka kwakho endaweni yokubhujiswa na?

12 Izimangaliso zakho ziyaziwa yini ebumnyameni,nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na?

13 Kepha mina, Jehova, ngikhala kuwe;ekuseni umkhuleko wami uyenyukaphambi kwakho.

14 Jehova, ulahlelani umphefumulo wami,ungifihlelelani ubuso bakho na?

15 Ngihluphekile, ngingofayo kusukela ebusheni bami;ngithwele ukwesabeka kwakho, ngiphelile.

16 Ulaka lwakho olushisayo lungehlele;ukwesabisa kwakho kungiqedile.

17 Kungizungeza njengamanzi imihla yonke,kungikaka kanyekanye.

18 Isihlobo nomngane ubaxoshele kude;ubumnyama bungumhlobo wami.