1 Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova;mawungangijabhisi naphakade;ngikhulule ngokulunga kwakho.
2 Beka kimi indlebe yakho,ungophule masinyane,ube yidwala eliqinileyo kimi,indlu yezinqaba yokungisindisa.
3 Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami;ngenxa yegama lakho uyakungihola,ungiqondise.
4 Uyakungikhipha enetheni abangicuphe ngalo,ngokuba wena uyinqaba yami.
5 Ngibeka umoya wami esandleni sakho;uyangihlenga, Jehova Nkulunkulu othembekayo.
6 Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize,kepha mina ngithemba uJehova.
7 Ngizakwethaba,ngijabule ngomusa wakho,ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami,wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;
8 awunginikelanga esandleni sesitha,wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.
9 Yiba nomusa kimi, Jehova,ngokuba ngiyahlupheka;iso lami liyafa usizi,nomphefumulo wami nomzimba wami.
10 Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini,neminyaka yami ekububuleni;amandla ami aphelile ngokona kwami,namathambo ami ancunzekile.
11 Ngenxa yezitha zami zonke sengaba yisihlamba,ikakhulu kubakhelwane bami ngaba ngobesabisayo abangane bami;abangibona endleleni bayangibalekela.
12 Sengakhohlakala enhliziyweni njengofileyo;nginjengesitsha esifileyo.
13 Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningingokwesabisayo nxazonke;besenza icebo ngamibahlosa ukubulala umphefumulo wami.
14 Kepha mina ngithemba wena Jehova;ngithi: “UnguNkulunkulu wami.”
15 Izikhathi zami zisesandleni sakho;ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo.
16 Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho;ngisindise ngomusa wakho.
17 Jehova, mawungangijabhisi,ngokuba ngiyakubiza;mabajabhiswe ababi,bathuliswe endaweni yabafileyo.
18 Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyongokuzidla nangokweyisa.
19 Yeka ubukhulu bomusa wakhoobagodlele wona abakwesabayo,owenzele bona ababalekela kuwe,phambi kwabantwana babantu.
20 Ubafihla ekusithekeni kobuso bakhongenxa yezigungu zabantu;ubalondoloza edokodweniekuxabaneni kwezilimi.
21 Makabongwe uJehova,ngokuba ungenzele umusa wakhe omangalisayoemzini oqinileyo.
22 Mina-ke ngithe ovalweni lwami:Ngixoshiwe emehlweni akho;nokho walizwa izwi lokunxusa kwami ekukhaleni kwami kuwe.
23 Mthandeni uJehova nina nonke enimkhonzayo;uJehova uyabalondoloza abakholekileyo,amphindisele kakhulu ozidlayo.
24 Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,nina nonke enithemba uJehova.