1 UJehova ungumalusi wami,angiyikuswela.
2 Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza;uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.
3 Ubuyisa umphefumulo wami;uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.
4 Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,angesabi okubi, ngokuba wena unami,intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.
5 Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami;ugcoba ikhanda lami ngamafutha;indebe yami iyachichima.
6 Impela okuhle nomusa kuyakungilandelaimihla yonke yokuphila kwami;ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.