Amahubo 59 ZUL59

Umkhuleko wocela ukukhululwa ezitheni

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu,* mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale.

1 Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami,ngivikele kwabangivukelayo;

2 ngikhulule kwabenza okubi,ngisindise kubantu begazi.

3 Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami;iziqhwaga ziyangihlanganyela,kungekho siphambeko,kungekho sono kimi, Jehova.

4 Ziyagijima, zizilungisele,kungekho cala kimi;vuka, ungihlangabeze, ubone.

5 Wena kambe,Jehova Nkulunkulu Sebawoti,Nkulunkulu ka-Israyeli,vuka uphindisele bonke abezizwe,ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela*

6 Bayabuya kusihlwa,bahlaba umkhulungwane njengenja,bezula emzini.

7 Bheka, bayampompa ngomlomo wabo,kukhona izinkemba ezindebeni zabo,ngokuba bathi:“Ngubani ozwayo na?”

8 Kepha wena Jehova uyabahleka;uyabaklolodela bonke abezizwe.

9 Mandla ami, ngiyakulindela wena,ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.

10 UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe;uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.

11 Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe;zizulise ngamandla akho,uzilahle phansi, Nkosi,sihlangu sethu.

12 Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo;mazibanjwe ekuzidleni kwazonangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.

13 Ziqede ngokuthukuthela,ziqede zingabe zisabakho;mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe,kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela*

14 Ziyabuya kusihlwa;zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini.

15 Zizulazulela ukudla;uma zingasuthi, zihlala nasebusuku.

16 Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho,ngethabele umusa wakho ekuseni,ngokuba uyinqaba yami,nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.

17 Mandla ami, ngizakuhubela wena;ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami,unguNkulunkulu wami womusa.