1 Uma uJehova engayakhi indlu,basebenzela ize abayakhayo;uma uJehova engalondolozi umuzi,umlindi wawo ulindela ize.
2 Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni,nephuze ukuphumula,nidle isinkwa sezinhlupheko,ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.
3 Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova,isithelo sesisu singumvuzo.
4 Njengemicibisholo esandleni seqhawebanjalo abantwana bobusha.
5 Ibusisiwe indoda emgodla wayo ugcwele bona;abayikujabha lapho bekhuluma nezitha zabo esangweni.