Amahubo 77 ZUL59

UNkulunkulu waphakade uyisiphephelo sabantu bakhe

Kumholi wokuhlabelela. KuJeduthuni.* Elika-Asafa. Ihubo.

1 Izwi lami ngiyakuliphakamisela kuNkulunkulu,ngikhale kuNkulunkulu ukuba angibekele indlebe.

2 Osukwini losizi lwami ngiyayifuna iNkosi;ebusuku isandla sami seluliwe, asidangali;umphefumulo wami wala ukududuzwa.

3 Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula;ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla. Sela*

4 Uzibambile izinkophe zamehlo ami, angavaleki;ngikhathazekile,angisakwazi ukukhuluma.

5 Ngiyazindla ngezinsuku zasendulo,ngeminyaka yaphakade.

6 Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu,ngizindla enhliziyweni yami;nomoya wami uyahlolisisa.

7 INkosi iyakulahla kuze kube phakade na?Ayisenakuphinda ibe nomusa na?

8 Umusa wayo unqamukile njalo yini na?Isithembiso siphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na?

9 UNkulunkulu ukhohliwe ukuba abe nomusa na?Uvalele ububele bakhe ngolaka na? Sela*

10 Ngase ngithi:“Yilokhu ukuhlupheka kwami,ngokuba isandla sokunene soPhezukonke siphendukile.”

11 Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova,yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo,

12 ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho,ngizindle ngezenzo zakho.

13 Indlela yakho, Nkulunkulu, isebungcweleni;ngubani ongunkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu na?

14 Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso;amandla akho uwazisile ezizweni.

15 Ngengalo yamandla wasindisa abantu bakho,amadodana kaJakobe noJosefa. Sela*

16 Amanzi akubona, Nkulunkulu,amanzi akubona, athuthumela,nezintwa zazamazama.

17 Amafu athela amanzi,izulu laduma,imicibisholo yakho yaphuma.

18 Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini;imibani yakhanyisa izwe;umhlaba wadikizela, wazamazama.

19 Indlela yakho yayiselwandle,nomendo wakho wawusemanzini amaningi,kodwa izinyathelo zakho zazingaziwa.

20 Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.