Amahubo 71 ZUL59

Umkhuleko wocela ukusizwa

1 Jehova, ngiyethemba wena;mangingajabhi naphakade.

2 Ngikhulule ngokulunga kwakho, ungihlangulise;beka indlebe yakho kimi, ungisindise.

3 Yiba kimi idwala lokuhlala,ukuze ngiye kulo njalonjalo;ukuyalezile ukusindiswa kwami,ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.

4 Nkulunkulu wami,ngikhulule esandleni somubi,esandleni songalungile nesonakeleyo.

5 Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova,ithemba lami kwasebusheni bami.

6 Ngencike kuwe kwasesiswini;nguwe owangikhipha ezibilinini zikamame;ukudumisa kwami kuyakuba ngawe njalo.

7 Nginjengesimangaliso kwabaningi,kepha wena uyisiphephelo sami esinamandla.

8 Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena,nalo udumo lwakho usuku lonke.

9 Ungangilahli esikhathini sobudala,ungangishiyi ekupheleni kwamandla ami,

10 ngokuba izitha zami zikhuluma ngami,nabawuhlomele umphefumulo wami bayahlebelana,

11 bathi: “UNkulunkulu umshiyile;zingelani nimbambe,ngokuba akakho osindisayo.”

12 Nkulunkulu, ungabi kude nami;Nkulunkulu, phuthuma ungisize.

13 Abamelene nomphefumulo wami mabajabhe, baphele;abangifunela umonakalo mabembatheamahloni nenhlamba.

14 Mina kodwa ngiyakwethemba njalo,ngengeze ukudumisa ekudunyisweni kwakho.

15 Umlomo wami uyakulanda ukulunga kwakho,nensindiso yakho lonke usuku;ngokuba anginakukubala.

16 Ngiyakuletha izenzo ezinqabileyo zeNkosi uJehova;ngiyakubonga ukulunga kwakho, okwakho kuphela.

17 Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami;ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube manje.

18 Futhi mawungangishiyi,nxa ngimdala, ngiyimpunga,ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane,amandla akho kubo bonke abezayo.

19 Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini;wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu,ngubani onjengawe na?

20 Wena owasizwisa izinhlupheko eziningi ezimbi,uyakubuye usiphilise,usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.

21 Yandisa udumo lwami,ubuye ungiduduze.

22 Yikhona nami ngizakububonga ubuqotho bakho,Nkulunkulu wami,ngogubhu lwezintambo;ngizakukudumisa ngehabhu*wena oNgcwele ka-Israyeli.

23 Izindebe zami zizakujabula,ngokuba ngizakukudumisa wena,nomphefumulo wami owuhlengileyo.

24 Ulimi lwami futhi luzakukhuluma lonke usuku ngokulunga;ngokuba badunyaziwe, bajabhisiwe abangifunela umonakalo.