1 Shayani izandla, zizwe zonke;hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa.
2 Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka;uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke.
3 Wathobisa abantu phansi kwethu,nezizwe phansi kwezinyawo zethu.
4 Wasikhethela ifa lethu,udumo lukaJakobe amthandayo. Sela*
5 UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma,uJehova ngokukhala kwecilongo.
6 Hubelani uNkulunkulu, hubani!Hubelani iNkosi yethu, hubani!
7 Ngokuba uNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke;hubani ihubo!
8 UNkulunkulu uyabusa izizwe;uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele sobukhosi.
9 Izikhulu zabantu zibuthene,zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama,ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu;uphakeme kakhulu.