1 Haleluya!Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi;ukudumisa kufanele.
2 UJehova uyalakha iJerusalema;abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.
3 Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;izilonda zabo uyazibopha.
4 Uyabala inani lezinkanyezi,azibize zonke ngamagama.
5 INkosi yethu inkulu,makhulu amandla ayo;ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.
6 UJehova uyaphakamisa abathobekileyo;ababi uyabawisa phansi emhlabathini.
7 Hubelani uJehova ngokubonga,nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu,*
8 osibekela izulu ngamafu,olungisela umhlaba imvula,ohlumisa utshani ezintabeni.
9 Unika izinkomo ukudla kwazo,namazinyane egwababa akhalayo.
10 Akathokozi ngamandla ehhashi,akajabuleli imilenze yomuntu.
11 UJehova uyathokoza ngabamesabayo,abathemba umusa wakhe.
12 Jerusalema, mbabaze uJehova;Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho.
13 Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango;ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho.
14 Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho;uyakusuthisa ngokolweni omuhle.
15 Uyathumela umyalo wakhe emhlabeni;izwi lakhe ligijima ngejubane elikhulu.
16 Uyanika iqhwa njengoboya;uhlakaza isithwathwa njengomlotha.
17 Uyaphonsa isichotho sakhe njengezinhlamvu;ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na?
18 Uyathuma izwi lakhe, likuncibilikise;uyavusa umoya wakhe,amanzi agobhoze.
19 Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe,izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku-Israyeli.
20 Akenzanga njalo kwesinye isizwe nesisodwa:izahlulelo zakhe asizazi.Haleluya!