Amahubo 38 ZUL59

Umkhuleko wophendukileyo ecela ukukhululwa

Ihubo likaDavide. Elokukhumbuza.

1 Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho,ungangishayi ngolaka lwakho.

2 Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile;isandla sakho singicindezele kanzima.

3 Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho;akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.

4 Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami;njengomthwalo osindayo ziyangisinda.

5 Izilonda zami ziyanuka,zichicha ubovungenxa yobuwula bami.

6 Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu;usuku lonke ngihamba ngilila.

7 Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu;akukho ukuphila enyameni yami.

8 Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi;ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.

9 Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho;ukububula kwami akufihlekile kuwe.

10 Inhliziyo yami iyagquma kakhulu;amandla ami angishiyile,ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi.

11 Abathandekayo bami nabahlobo bamibemi kude nokuhlupheka kwami;abakwethu bemi kude laphaya.

12 Abafuna umphefumulo wami bayangicupha;abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi,bazindla inkohliso usuku lonke.

13 Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa;nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso.

14 Yebo, nginjengomuntu ongezwayo;akukho ukuphikisa emlonyeni wakhe.

15 Ngokuba ngithemba wena Jehova;wena Nkosi Nkulunkulu wami uzakuphendula.

16 Ngokuba ngithe:“Funa bajabule ngami,ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.”

17 Ngokuba ngiseduze kokuwa,nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.

18 Ngokuba ngiyabika ukona kwami;ngiyadabuka ngesono sami.

19 Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla;baningi abangizonda ngeze.

20 Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami,ngokuba ngilandela okulungileyo.

21 Ungangishiyi, Jehova;Nkulunkulu wami, ungabi kude nami.

22 Phuthuma, ungisize,Nkosi, nsindiso yami.