Amahubo 7 ZUL59

Ukunxusa uJehova ukuba avikele abazingelwayo

IShigayoni* likaDavide alihubela uJehova ngenxa yamazwi kaKushe wakwaBenjamini.

1 Jehova, Nkulunkulu wami,ngiyaphephela kuwe;

2 ngisindise kubo bonke abangizingelayo,ungikhulule,bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyamaeklebhula, kungekho okhululayo.

3 Jehova Nkulunkulu wami,uma ngikwenzile lokho,uma kukhona okubi ezandleni zami,

4 uma ngiphindise okubi kohlalisene nami ngokuthula,ngaphanga isitha sami kungekho sici,

5 isitha masiwuzingele umphefumulo wami, siwufice,sikunyathele phansi ukuphila kwami,nesithunzi sami sisilahle phansi othulini. Sela*

6 Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho,uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele;ngokuba uyalezile ukwahlulela.

7 Umhlangano wezizwe mawukuphahle,ubuyele phezulu ngaphezu kwawo.

8 UJehova uyahlulela izizwe;ngahlulele, Jehova,ngokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi.

9 Makuphele ukonakala kwababi,kepha olungileyo mawumqinise.Nguwe phela ohlola izinhliziyo nezinso,Nkulunkulu olungileyo.

10 Isihlangu sami sikuNkulunkuluosindisa abaqotho ngenhliziyo.

11 UNkulunkulu ungumahluleli olungileyo;unguNkulunkulu othukuthela imihla yonke.

12 Uma umuntu engaphenduki,uyakulola inkemba yakhe,ansale umnsalo wakhe, awulungisele,

13 izikhali zokubulala azibhekisele kuye;imicibisholo uyenza ishise.

14 Unemihelo ngobubi;ukhulelwe ngukona, uzala amanga.

15 Umgodi uwumba, uwugubha,kepha ukhalakathela egebeni alenzileyo.

16 Ukwelelesa kwakhe kubuyela ekhanda lakhe;ubudlwangudlwangu bakhe behlela okhakhayini lwakhe.

17 Ngizakumbonga uJehova ngokokulunga kwakhe,ngihubele igama likaJehova oPhezukonke.