Amahubo 33 ZUL59

Ukumdumisa uNkulunkulu uMninimandla onke ngenxa yezenzo zakhe ezinhle

1 Yethabani kuJehova nina balungileyo;ukudumisa kubafanele abaqotho.

2 Bongani uJehova ngehabhu;*mdumiseni ngogubhu oluzintambo ziyishumi.

3 Mhubeleni ihubo elisha,nibethe kahle ngenhlokomo.

4 Ngokuba izwi likaJehova lilungile;zonke izenzo zakhe ziyakholeka.

5 Uthanda ukulunga nokwahlulela;umhlaba ugcwele umusa kaJehova.

6 Ngezwi likaJehova izulu lenziwa,namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.

7 Ubuthela ndawonye amanzi olwandle njengenqwaba;uwabeka ajulileyo ezinqolobaneni.

8 Umhlaba wonke mawumesabe uJehova;bonke abakhileyo ezweni mabathuthumele phambi kwakhe.

9 Ngokuba wakhuluma, kwaba khona;wayaleza, kwema khona.

10 UJehova uchitha icebo labezizwe;uphuthisa imicabango yabantu.

11 Icebo likaJehova limi phakade,nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.

12 Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova,isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe.

13 UJehova uyabheka esezulwini;uyababona bonke abantwana babantu.

14 Esendaweni lapho ehlala khonauyababuka bonke abakhileyo ezweni,

15 yena owadala izinhliziyo zabo bonke,oqaphela zonke izenzo zabo.

16 Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo;isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.

17 Ihhashi liyize ekusindiseni,alihlangulisi ngobukhulu bamandla alo.

18 Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo,abathemba umusa wakhe,

19 ukuba akhulule umphefumulo wabo ekufeni,abaphilise endlaleni.

20 Umphefumulo wethu ulindela uJehova;ungukusiza kwethu nesihlangu sethu.

21 Ngalokho inhliziyo yethu ithokoza ngaye,ngokuba sithemba igama lakhe elingcwele.

22 Umusa wakho, Jehova,mawube phezu kwethu,njengalokhu sithemba wena.