Amahubo 34 ZUL59

Ukubonga umusa kaNkulunkulu

ElikaDavide mhla ezishaya uhlanya phambi kuka-Abimeleki owamxosha waze wamuka.

1 Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.

2 Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova;abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.

3 Mtuseni uJehova kanye nami,siphakamise igama lakhe kanyekanye.

4 Ngamfuna uJehova, wangiphendula;wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.

5 Babheka kuye phezulu, bakhanya;ubuso babo abusoze bajabha.

6 Nasi isihlupheki esakhala,uJehova wezwa,wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.

7 Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.

8 Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

9 Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe,ngokuba abasweli lutho abamesabayo.

10 Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.

11 Zanini, bantwana, ningilalele;ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.

12 Ngumuphi umuntu othanda ukuphila,ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na?

13 Londa ulimi lwakho kokubi,nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.

14 Deda kukho okubi, wenze okuhle;funa ukuthula, ukujonge.

15 Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.

16 Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubiukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.

17 Labo bayakhala, uJehova uyezwa;uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.

18 UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;uyabasindisa abanomoya odabukileyo.

19 Ziningi izinhlupheko zolungileyo,kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.

20 Uyawagcina onke amathambo akhe;alaphulwa nelilodwa kuwo.

21 Okubi kuyakumbulala omubi;abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.

22 UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;akakho kwabamethembayo oyakuba necala.