1 Inkulumo yesiphambeko komubi,isekujuleni kwenhliziyo yami, ithi:Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.
2 Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamthopha emehlweni akhe,ukuze kungafunyanwa,azondeke ngakho.
3 Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso;ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.
4 Uceba okubi ecansini lakhe,uzimisa endleleni engalungile;okubi kakwenyanyi.
5 Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini,nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.
6 Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi,ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu;usindisa abantu nezilwane, Jehova.
7 Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka;abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.
8 Bayakusutha ngamanoni endlu yakho,ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho.
9 Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila;ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.
10 Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo,nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo.
11 Unyawo loziqhenyayo malungangifikeli;nesandla somubi masingangixoshi.
12 Bheka, bawile abenza okubi;bawiswe phansi, abasenakuvuka.