Amahubo 72 ZUL59

Ukukhulekela ogcotshiweyo kaNkulunkulu

ElikaSolomoni.

1 Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakhonendodana yenkosi ukulunga kwakho.

2 Iyakwahlulela isizwe sakhongeqiniso nezihlupheki zakho ngemfanelo.

3 Izintaba ziyakuletha ukuthula kubantu;kanjalo namagquma, ngokulunga.

4 Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu,isindise abantwana babampofu,imphohloze onokhahlo.

5 Bayakwesaba wena, kusekhona ilanga nenyanga,izizukulwane ngezizukulwane.

6 Iyakwehla njengemvula edlelweni,njengesihlambi esimatisa umhlaba.

7 Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza,kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga.

8 Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube selwandle,kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.

9 Abakhe ehlane bayakukhothama phambi kwayo;izitha zayo zizakukhotha uthuli.

10 Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho;amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho.

11 Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo;zonke izizwe ziyakuyikhonza.

12 Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo,nohluphekayo ongenamsizi.

13 Iyakuhawukela odangeleyo nompofu;iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.

14 Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni;igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.

15 Iyakuphila, bayinike igolide laseSheba,bayithandazele njalo,bayibusise lonke usuku.

16 Kuyakuba khona inala kakolweni ezweniesiqongweni sezintaba;ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni;abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.

17 Igama layo liyakuma kuze kube phakade;igama layo liyakuxhanta,lisekhona ilanga;bayakuzibusisa ngayo;bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.

18 Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli,onguye yedwa owenza izimangaliso.

19 Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade,umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.

20 Imikhuleko kaDavide indodana kaJese isaphelile.