Amahubo 69 ZUL59

Ukuhlupheka kolungileyo

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Iminduze. ElikaDavide.

1 Ngisindise, Nkulunkulu,ngokuba amanzi afikile emphefumulweni.

2 Ngishone odakeni lobishi olujulileyo, kungekho kuma;ngingene emanzini alutwa;imisinga iyangicwilisa.

3 Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami ushile;amehlo ami ayafiphala ekulindeleni uNkulunkulu wami.

4 Abangizonda ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami;baningi abafuna ukungiqeda beyizitha zami kungekho sici;nengingakuphanganga ngakubuyisela.

5 Nkulunkulu, wena uyabazi ubuwula bami,nezono zami azifihlakele kuwe.

6 Mabangajabhiswa ngami abakulindeleyo,Nkosi Jehova Sebawoti;mabangahlazeki ngami abakufunayo,Nkulunkulu ka-Israyeli.

7 Ngokuba ngithwele isihlamba ngenxa yakho;ihlazo lisibekela ubuso bami.

8 Sengaba ngumfokazi kubafowethu,nowezizwe kubantwana bakamame.

9 Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile;izithuko zabakuthukayo zingehlele.

10 Ngakhala, umphefumulo wami wazila;kwaba ngukudunyazwa kwami.

11 Isaka ngalenza isambatho sami;ngaba yisaga kubo.

12 Abahlezi esangweni bakhuluma ngami;izidakwa ziyangihaya.

13 Kodwa mina, umkhuleko wami ukuwe Jehovaesikhathini sokuzwelwa, Nkulunkulu;ngenxa yomusa wakho omkhulungiphendule eqinisweni lensindiso yakho.

14 Ngikhiphe odakeni, mangingashoni;mangisindiswe kubo abangizondayo,nasemanzini alutwa.

15 Isikhukhula samanzi masingangicwilisi,utwa lungangigwinyi,umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo.

16 Ngiphendule, Jehova,ngokuba umusa wakho ulungile;uphendukele kimi ngokobubele bakho obukhulu.

17 Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho,ngokuba ngiyahlupheka;shesha ungiphendule.

18 Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge,ngikhulule ngenxa yezitha zami.

19 Wena uyakwazi ukuthukwa kwami,namahloni ami nokudunyazwa kwami;zonke izitha zami ziphambi kwakho.

20 Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami,ngigula kakhulu;bengibheka ukuhawukelwa,kepha akwabakho,nabaduduzayo,kepha angibatholanga.

21 Banginika inyongo ibe ngukudla kwami;ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.

22 Itafula labo malibe yisihibe phambi kwabo,libe lugibe kwabahlezi bezithulele.

23 Amehlo abo mawafiphale,ukuze bangaboni;izinkalo zabo zintengezele njalo.

24 Thela phezu kwabo ukunengwa kwakho;intukuthelo yakho evuthayo mayibafice.

25 Umuzi wabo mawuchitheke;makungabikho ohlala ematendeni abo.

26 Ngokuba oshaywe nguwe bayamzingela,baxoxa ngobuhlungu bezinkubela zakho.

27 Yengezela ukona ekoneni kwabo;mabangezi ekulungeni kwakho.

28 Mabesulwe encwadini yabaphilayo,bangalotshwa kanye nabalungileyo.

29 Mina kodwa ngihluphekile, ngibuhlungu;insindiso yakho,Nkulunkulu mayingilondoloze.

30 Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu,ngimphakamise ngokubonga.

31 Kuyakuthandeka kuJehova kunenkomo,kunenkunzi enezimpondo nezinselo.

32 Kuyakuthi abayizivi bekubona, bajabule;nina enifuna uNkulunkulu,inhliziyo yenu mayiphile.

33 Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu,neziboshwa zakhe akazideleli.

34 Uyakubongwa yizulu nomhlaba,yizilwandle nakho konke okuphila kuzo.

35 Ngokuba uNkulunkulu uzakulisindisa iSiyoni,akhe imizi yakwaJuda;bazakuhlala khona, ibe yifa labo.

36 Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla ifa;abathanda igama lakhe bayakuhlala kuyo.