Amahubo 18 ZUL59

Ukumbonga uNkulunkulu ngezibusiso zakhe

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide, inceku kaJehova, owakhuluma amazwi aleli hubo kuJehova mhla uJehova emsindisile esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule. Wathi:

1 Ngiyakuthanda, Jehova,mandla ami.

2 Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo,nesihlangu sami,nophondo lokusindiswa kwami,inqaba yami ephakemeyo.

3 Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo,ngisindiswe ezitheni zami.

4 Izintambo zokufa zangizungelezela,izikhukhula zokona zangethusa.

5 Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza,izihibe zokufa zangehlela.

6 Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova,ngakhala kuNkulunkulu wami;walizwa izwi lami esethempelini lakhe;ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.

7 Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela;izisekelo zezintaba zathuthumela,zagubhuzela ngokuba ethukuthele.

8 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;amalahle avutha kuye.

9 Wathobisa izulu, wehla;ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.

10 Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza;washweza ngamaphiko omoya.

11 Ubumnyama wabenza isisibekelo,idokodo lakhe elimphahlayo;amanzi amnyama, amafu anzima.

12 Ekukhazimuleni okuphambi kwakheamafu akhe abanga phambili,isichotho namalahle avuthayo.

13 UJehova waduma ezulwini;oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe:isichotho namalahle avuthayo.

14 Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula,nemibani eminingi, wabadidizelisa.

15 Kwase kubonakala imisinga yamanzi;izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova,ngokufutha komoya wamakhala akho.

16 Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba;wangikhipha emanzini amaningi.

17 Wangophula esitheni sami esinamandlanakubo abangizondayo,ngokuba base bengahlulile.

18 Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami,kepha uJehova waba yinsika yami.

19 Wangiphumisela endaweni ebanzi;wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

20 UJehova wangivuza ngokokulunga kwami;wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

21 Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova,angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

22 Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami,nezimiso zakhe angivumanga ukuba zisuke kimi.

23 Ngangiphelele kuye;ngabuxwaya ububi.

24 UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami,njengokuhlanzeka kwezandla zami phambi kwamehlo akhe.

25 Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile;kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho;

26 kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile;koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani.

27 Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo,kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa.

28 Ngokuba wena uyokhela isibani sami;uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.

29 Ngokuba ngawe ngingahlasela impi;ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.

30 Indlela kaNkulunkulu iphelele;izwi likaJehova lihlanzekile;yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

31 Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova,ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

32 uNkulunkulu ongibhincisa amandla,owenza indlela yami ilunge;

33 owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi,angimise emagqumeni ami;

34 ofundisa izandla zami ukulwa,ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.

35 Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho,isandla sakho sokunene singisekele,nobumnene bakho bungikhulisile.

36 Amabanga okunyathela kwami uwandisile;amaqakala ami awaxegi.

37 Ngazixosha izitha zami, ngazifica;angibuyanga ngingakaziqedi.

38 Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka;zawa phansi kwezinyawo zami.

39 Wangibhincisa amandla okulwa;ababengivukele wabathobisa phansi kwami.

40 Wangifulathelisela izitha zami,nabangizondayo ngabaqothula.

41 Bakhala, kepha akubangakho osindisayo,nakuJehova, kodwa akaze aphendula.

42 Ngabacolisisa njengothuli emoyeni;ngabalahla njengensila ezitaladini.

43 Wangikhulula ezimpini zabantu;wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe;abantu engingabaziyo bangikhonza.

44 Banele ukungizwa nje ngendlebe,base bengilalela;abafo bazithoba phansi kwami.

45 Abafo babuna,baphuma ezinqabeni zabo bethuthumele.

46 UJehova usekhona,malidunyiswe iDwala lami;makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,

47 uNkulunkulu onginikile impindiselo,wathobisa izizwe phansi kwami;

48 ongikhululile ezitheni zami,yebo, ongiphakamisile phezu kwabangivukelayo,wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

49 Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova,ngilihubele igama lakho.

50 Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe;uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavidenasenzalweni yakhe kuze kube phakade.