Amahubo 35 ZUL59

Umkhuleko wocela ukusindiswa ezitheni

ElikaDavide.

1 Phikisana, Jehova,nabaphikisana nami,ulwe nabo abalwa nami.

2 Thatha ihawu nesihlangu,uvuke, ungisize.

3 Hosha umkhonto, uvimbe indlela kwabangizingelayo;yisho kuwo umphefumulo wami, uthi:“Mina ngiyinsindiso yakho.”

4 Mabajabhe, bahlazeke abafuna umphefumulo wami;mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangisongelayo.

5 Mababe njengamakhoba emoyeni,ingelosi kaJehova ibadudule.

6 Indlela yabo mayibe mnyama, ibebushelezi,ingelosi kaJehova ibaxoshe.

7 Ngokuba bangenzele ngasesitha igebe lenetha labo, kungekho sici,bembele umphefumulo wami umgodi, kungekho cala.

8 Ukubhujiswa makumehlele engazelele;inetha lakhe alibeke ngasesitha malimbambe yena;makawele kulo kube ngukubhujiswa kwakhe.

9 Khona umphefumulo wami uzakwethaba kuJehova,uthokoze ngokusindisa kwakhe.

10 Onke amathambo ami azakuthi:“Jehova, ngubani onjengawe,wena okhulula ohluphekayo,yebo, ohluphekayo nompofu komphangayo, na?”

11 Ofakazi abangalungile bayasukuma,babuza kimi engingakwaziyo.

12 Bangiphindisela okubi ngokuhle;umphefumulo wami bawusozisele.

13 Kanti ekuguleni kwabo mina ngangembethe ezokuzila;umphefumulo wami ngawuhlupha ngokuzila ukudla;umkhuleko wami wabuyela esifubeni sami.

14 Ngahamba kungathi bekungumngane wami nomfowethu;njengokhalela unina ngakhothama ngokulila.

15 Kepha ekuweni kwami bahlekisa ngami, babuthana ndawonye;abashayi engingabaziyo bangibunganyela;badumaza bengayeki.

16 Njengezinteli ezikhonzela ucezu lwesinkwabangigedlela amazinyo.

17 Nkosi, lokho uzakukubukela kuze kube nini na?Sindisa umphefumulo wami ekubhubhiseni kwabo,ukuphila kwami ezingonyameni ezingamabhongo.

18 Ngizakukubonga ebandleni elikhulu,ngikudumise phakathi kwabantu abaningi.

19 Mabangajabuli ngami abayizitha zami bengenasizathu;mabangaqwayizi amehlo abangizonda ngeze.

20 Ngokuba abakhulumi ukuthula,kepha baqamba amazwi enkohliso ngabazithuleleyo emhlabeni.

21 Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo, bathi:“Ashila, ashila, iso lethu liyabona!”

22 Uyakubona, Jehova; mawungathuli;Nkosi, mawungabi kude nami.

23 Vuka, usukumele ukwahlulelwa kwami,Nkulunkulu wami, Nkosi yami,umele icala lami.

24 Ngahlulele ngokulunga kwakho,Jehova Nkulunkulu wami;mabangajabuli ngami.

25 Mabangasho enhliziyweni yabo ukuthi:“He, kwaya ngesifiso sethu!”Mabangasho ukuthi: “Simgwinyile.”

26 Mabajabhe,babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami;abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo.

27 Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami;mabathi njalonjalo:“Makadunyiswe uJehovaothokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.”

28 Ulimi lwami luzakushumayela ngokulunga kwakho,usuku lonke ngodumo lwakho.