1 Udumiso luhlalela wena Nkulunkulu eSiyoni,nesithembiso siyakugcwaliswa kuwe.
2 Wena ozwayo imikhuleko,beza kuwe bonke abantu.
3 Izenzo ezimbi zangahlula;iziphambeko zethu uyaziyekela.
4 Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayoukuba ahlale emagcekeni akho;siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho,ithempeli lakho elingcwele.
5 Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni,Nkulunkulu wensindiso yethu,wena oyithemba lemikhawulo yonke yomhlabanelolwandle olukude;
6 yena omisa izintaba ngamandla akhe,obhince amandla;
7 othulisa ukuduma kwezilwandle,inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.
8 Abakhile emikhawulweni yomhlababayesaba ngezibonakaliso zakho;uyethabisa impumalanga nentshonalanga.
9 Uhambela umhlaba, unisa imvula,uwuvundisa kakhulu;umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi;ubalungisela abantu ukudla,ngokuba uwulungisa kanjalo umhlaba.
10 Umatisa imisele yawo,ulalisa amasoyi awo;uwuthambisa ngezihlambi,ubusise okumila kuwo.
11 Umnyaka uyawuhlobisa ngobumnene bakho,nemikhondo yakho iconsa amafutha.
12 Amadlelo asehlane ayaconsa;amagquma abhinca injabulo.
13 Amadlelo embethe izimvu,nezigodi zisibekelwe ngamabele;konke kuyajabula, kuhlabelele.