1 Lalela, Nkulunkulu,umkhuleko wami,ungazifihli ekunxuseni kwami.
2 Ngizwele, ungiphendule;ngiyayaluza ekukhaleni kwami, ngiyabubula
3 ngenxa yezwi lesitha,ngenxa yokucindezela komubi;ngokuba bagingqela okubi phezu kwami;bangizingela bethukuthele.
4 Inhliziyo yami iyathuthumela phakathi kwami;amavuso okufa angehlele.
5 Ngifikelwe luvalo nokuqhaqhazela;ngikhwelwe ngukwesaba okukhulu.
6 Besengithi:“Sengathi ngingaba namaphiko njengejuba;ngabe ngindizela ekudeni,ngihlale khona.”
7 Bheka, bengiyakubaleka, ngiye kude,ngingenise ehlane. Sela*
8 Ngabe ngiphuthuma indawo yokuphephaemoyeni ovunguzayo nasesiphephweni.
9 Bachithe, Nkosi,uphambanise ulimi lwabo,ngokuba ngibonile ubudlwangudlwangu nokuxabana emzini.
10 Imini nobusuku bahamba bezungeza phezu kwezingange zawo;okubi nokushinga kuphakathi kwawo.
11 Ububi buphakathi kwawo;imbandezelo nenkohliso akusuki esigcawini sawo.
12 Ngokuba akusiso isitha esingiklolodelayo;ngabe ngiyakuthwala;akusiye ongizondayo oziphakamise phezu kwami;ngabe ngamcashela;
13 kepha nguwe ntanga yami,mhlobo wami nomngane wami.
14 Sasihlalisana kamnandi;sasiya endlini kaNkulunkulu kanye nebandla elithokozayo.
15 Ukufa makubazume,bashonele endaweni yabafileyo besezwa,ngokuba ububi busezindlini zabo nasezinhliziyweni zabo.
16 Mina ngizakukhala kuNkulunkulu;uJehova uzakungisindisa.
17 Kusihlwa nasekuseni nasemini ngizakuzikhalela, ngibubule,abeselizwa izwi lami.
18 Uyawuhlenga umphefumulo wami ngokuthula, bangasondeli kimi,ngokuba baningi abamelene nami.
19 UNkulunkulu uzakuzwa, abaphendule,yena okhona kwaphakade. Sela*Yibona kambe okungekho kubo ukuphenduka,nabangamesabiyo uNkulunkulu.
20 Ubeka isandla ngakuye ohlalisene kahle naye;udumazile isivumelwano sakhe.
21 Umlomo wakhe ubushelezi kunephehlwa,kepha inhliziyo yakhe iyimpi;amazwi akhe athambile kunamafutha;nokho ayizinkemba ezikhokhiweyo.
22 Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa;akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.
23 Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa;abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo;kepha mina ngizakwethemba wena.