1 Haleluya!Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova,othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.
2 Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni;isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.
3 Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe;ukulunga kwakhe kumi phakade.
4 Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni:umusa, nobubele, nokulunga.
5 Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo,esekela izindaba zakhe ngokulunga.
6 Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade;olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade.
7 Akesabi imibiko emibi;inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova.
8 Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi,aze azibuke izitha zakhe ziphansi.
9 Uyaphana, uyabanika abampofu;ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade;uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.
10 Omubi uyakukubona, acunuke,agedle amazinyo akhe, abesephela;isifiso sababi siyakubhubha.