11 Izinsuku zami zinjengethunzi elandayo;mina uqobo ngiyabuna njengotshani.
12 Kepha wena Jehova uyakuhlala kuze kube phakade,nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.
13 Uyakuvuka, uhawukele iSiyoni;sekuyisikhathi sokuliphatha ngomusa,yebo, isikhathi esimisiweyo sesifikile.
14 Ngokuba izinceku zalo ziyathokoza ngamatshe alo,zihawukele uthuli lwalo.
15 Khona abezizwe bayakulesaba igama likaJehova,amakhosi onke omhlaba inkazimulo yakho.
16 Ngokuba uJehova ulakhile iSiyoni,ubonakele enkazimulweni yakhe;
17 wanaka umkhuleko wabangenalutho,engawudeleli umthandazo wabo.