14 Ngokuba izinceku zalo ziyathokoza ngamatshe alo,zihawukele uthuli lwalo.
15 Khona abezizwe bayakulesaba igama likaJehova,amakhosi onke omhlaba inkazimulo yakho.
16 Ngokuba uJehova ulakhile iSiyoni,ubonakele enkazimulweni yakhe;
17 wanaka umkhuleko wabangenalutho,engawudeleli umthandazo wabo.
18 Lokhu kuyakulotshelwa isizukulwane esizayo;abantu abayakudalwa bayakudumisa uJehova.
19 Ngokuba ubheke phansi esekuphakameni kwakhe okungcwele,wabuka umhlaba esezulwini
20 ukuba ezwe ukububula kwesiboshwa,akhulule abantwana bokufa,