18 Lokhu kuyakulotshelwa isizukulwane esizayo;abantu abayakudalwa bayakudumisa uJehova.
19 Ngokuba ubheke phansi esekuphakameni kwakhe okungcwele,wabuka umhlaba esezulwini
20 ukuba ezwe ukububula kwesiboshwa,akhulule abantwana bokufa,
21 ukuze kumenyezelwe eSiyoni igama likaJehovanodumo lwakhe eJerusalema,
22 nxa izizwe zibuthana ndawonyekanye nemibuso ukumkhonza uJehova.
23 Wanciphisa amandla ami endleleni,wafinyeza izinsuku zami.
24 Ngithi: “Nkulunkulu wami,ungangisusi enxenyeni yezinsuku zami;iminyaka yakho isezizukulwaneni ngezizukulwane.