3 Ngokuba izinsuku zami ziphelile njengomusi;amathambo ashile njengezinkuni.
4 Inhliziyo yami ishayiwe,ibunile njengotshani,ngokuba ngiyakhohlwa ukudla isinkwa sami.
5 Ngenxa yezwi lokububula kwamiamathambo ami anamathele enyameni yami.
6 Ngiyafana nevuba ehlane,nginjengesikhova kwahlongasibi.
7 Ngiyaqwasha,nginjengenyoni eyodwa ophahleni lwendlu.
8 Izitha zami ziyangithuka usuku lonke;abahlanya ngami bayangiqalekisa.
9 Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa,nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi.