6 Ngiyafana nevuba ehlane,nginjengesikhova kwahlongasibi.
7 Ngiyaqwasha,nginjengenyoni eyodwa ophahleni lwendlu.
8 Izitha zami ziyangithuka usuku lonke;abahlanya ngami bayangiqalekisa.
9 Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa,nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi.
10 Ngenxa yentukuthelo nolaka lwakho ungifukulile, wangilahla.
11 Izinsuku zami zinjengethunzi elandayo;mina uqobo ngiyabuna njengotshani.
12 Kepha wena Jehova uyakuhlala kuze kube phakade,nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.