8 UJehova unobubele nesihawu;wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.
9 Akathethi njalonjalo;akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade.
10 Akasiphathi njengokufanele izono zethu,akasivuzi njengokwamacala ethu.
11 Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlabaunjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.
12 Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga,udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.
13 Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.
14 Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu;uyakhumbula ukuthi siluthuli.